Uju Lwezinkondlo

Uju Lwezinkondlo yi-antoloji eyiqoqo lezinkondlo ezibhalwe izimbongi ezehlukene. Yenzelwe ukusiza abafundi ukuba bafunde futhi baqonde ubunkondlo eBangeni le-12. Iqoqo libhalwe lagxiliswa ngokwezidingo zonke izidingo zohlelo lwemfundo i-CAPS.

Uju Lwezinkondlo:

  • ihlelwe ngokomongo noma ingqikithi yezinhlobo zezinkondlo ukuze kubelula ukuqonda isakhiwo sezinkondlo
  • inomlandompilo wezimbongi ezikuleli qoqo lezinkondlo, ukwelekela abafundi ukuba bazi kabanzi ngempilo yezimbongi ukuze umsebenzi wezimbongi bawazi futhi bawuqonde kangcono
  • inencazelomagama (iglosari) etholakala ekugcineni kwebhuku, ukusiza ufundi ukuba aqonde amagama anqala obunkondlo asetshenziswe ngenkathi kuhlaziywa inkondlo ngayinye
  • inamanothi afundisayo ukusiza umfundi ukuba azi ukuthi inkondlo
    ihlaziywa kanjani ngokwemigomo yohlelo lwemfundo mayelana
    nokufundiswa kwezinkondlo ngokuphelele
  • inemibuzo nezimpendulo ukusiza umfundi ukuba azilolonge ngemibuzo, abheke futhi ezimpendulwe ukuthi bekumele aphendule kanjani, ngaleyo nabo akwazi ukuzimakele umsebenzi azenzela wona.
  • Le antoloji yezinkondlo iwusizo olukhulu kumfundi osendleleni yokubhekana nezidingo zobunkondlo obunzulu kanye nokubhala zivivinyo ngempumelelo.